Ushayelwa izandla uXolani Khumalo wohlelo Sizokthola elidlala ku Moja Love, channel 157 njalo ngesonto lapho kuboshwa khona abathengisi bezidakamizwa
UXolani nethimba lakhe bafika bengalindelwe babophe labo abashushumbisa izidakamizwa ezifana ne nyaope, crystal meth, cocaine. Abaningi ababoshwa kulelihlelo abaphuma ngaphandle kakhulu eNigeria.
Lolu hlelo lithokozelwe kakhulu ngabantu abakhathele yilabo abathengisa izidakamizwa bebulala isizwe futhi bengaboshwa.
Abantu abaningi babhalile emakhasini wezokuxhuma beveza imibono yabo besho nokuthi kudala befisa uhlelo olunje. Nase Orange Farm, abahlali bathi bakhathele yizidakamizwa futhi bafisa ukuthi uXolani nethimba lakhe bafike bazobopha lezizigilamkhuba.
Inyaope ne crystal meth igcwele eOrange Farm, intsha iyaphela, ikusasa layo lishabelele abanye bayashona yilezidakamizwa, abadayisi bona abanandaba benza imali.


























