Umdansi uMusa Motha wamukelwe ngezandla ezifudumele
Umdansi waseSebokeng uMusa Motha (27) ujabulise umhlaba wonke ngenkathi edansa futhi wafika kwelamanqamu kumqhudelwano wamathalente iBritain's Got Talent. Noma angawinanga uMotha uzenzele igama phesheya kwezilwandle nasemhlabeni wonke.

































