National, Sport

I-DA isabisa ngenkantolo ngoloxhaso lweRoyal AM

I-DA isabisa ngenkantolo ngoloxhaso lweRoyal AM

Admin
August 20, 2023

I-DA isabisa ngokuluyisa enkantolo olokuxhaswa ngezigidi zamaRandi kweqembu lebhola, iRoyal AM, uMasipala waseMsunduzi.

Abameli beDA sebenqumele lo mkhandlu ugwayi katiki ngokuthi uzibophezele ngokuchitha isivumelwano sokuxhaswa kweRoyal AM sikaR27 million lingakashoni elakusasa.

Encwadini yabameli, iDA ifuna ukuthi imenenja kamasipala, uMnuz Lulamile Mapholoba, izibophezele ngokuthi umasipala ngeke uyinikeze ngisho indibilishi iRoyal AM. I-DA ithe uma izikhulu zomkhandlu ziqhubeka nokunikeza iRoyal AM imali emva kokuthola incwadi yabameli, bazofuna ukuthi inkantolo iphoqe izikhulu ezibandakanyekayo ukuthi ziyikhokhe leyo mali, iphume emaphaketheni azo.

NgoJulayi uMasipala waseMsunduzi wangena esivimelwaneni seminyaka emithathu sokuxhasa iRoyal AM.Lesi sivumelwano sisho ukuthi iRoyal AM izodlalela imidlalo yayo yasekhaya enkundleni yezemidlalo eseMgungundlovu, iHarry Gwala Stadium. Le nkundla ibisetshenziswa iMaritzburg United, edliwe yizembe ngesizini edlule. Ngokwesivumelwano, iRoyal AM izokhokhelwa u-R9 million njalo ngonyaka ukuba isebenzise iHarry Gwala Stadium.

Encwadini yabameli iDA ithe lesi sivumelwano siphambene nemithetho elawula ukuphathwa komasipala, yakhala ngokuthi le mali eyingxenye yesivumelwano ayikho kwisabelomali somkhandlu esaphasiswa ngaphambi kokuqala konyaka wemali oqale ngoJulayi.

“Umthetho olawula ukuphathwa komasipala ukubeka kucace ukuthi umasipala kufanele usebenzise kuphela imali ekwisabelomali esiphasisiwe. Isinqumo sokuxhaswa kweRoyal AM sizokwenza ukuthi umasipala ugcine ususebenzisa nemali obungahlelile ukuyisebenzisa.”

I-DA iphinde yakhala nangokuthi lesi sinqumo sathathwa ngaphandle kokuthi kuthintwe izinhlaka ezahlukene, yabala amalungu emiphakathi eyakhele umkhandlu, izinhlangano ezithintekayo, ihhovisi likaMgcinimafa kuzwelonke nasesifundazweni, kanye noMnyango wezokuBusa ngokuBambosana neziNdaba zoMdabu.

Le nhlangano ifuna nokuthi iRoyal AM idalule ukuthi ikhona yini imali esiyitholile kulo mkhandlu, yathi nayo iRoyal AM bazoyifaka enkantolo uma lize lashona elakusasa ingaphendulile.

Ohola inguyazana yeDA kumasipala waseMsunduzi, uMnuz Ross Strachan, uthe ngeke bavume ukuthi umasipala uxhase iRoyal AM ngezigidi zamaRandi ekubeni usahlulwa ukulethela abantu bakulo mkhandlu izidingo.

Okhulumela umasipala waseMsunduzi, uNkk Ntobe Mkhize, uthe bebengakayitholi incwadi abayithunyelwe iDA. “Ngakho asikwazi ukuphawula okwamanje kuze kube sithola incwadi yabo.”

Imizamo yokuthola iRoyal AM ukuze iphawule ayizange iphumelele.

Umthombo: Isolezwe

Did this story inform, inspire or affect you?

Do not let important community news stop with you. Share this article with two friends, relatives or neighbours and help more people stay informed about what is happening in Orange Farm and surrounding areas.

Follow Orange Farm News for trusted local reporting, community voices, breaking news and stories that matter.

Like it. Share it. Talk about it.

Join us on:

Together, we keep our community informed and connected.

Read more stories by

Admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Related Stories
  • United Future Stars crowned Drieziek Lion U11 champions
    2 days ago
  • Orange Farm athletes shine at Soncini Games
    1 week ago
  • No big stadium, just big talent as Orange Farm runners shine
    2 weeks ago
  • Government announces R10bn fuel levy relief for motorists
    2 weeks ago

More stories like this

  • Sport
    Panthers Ladies hit eight as Vaal 016 FC secure double victory
    2 weeks ago
  • Sport
    Ambitiouz Sporting seeks young talent ahead of tour
    3 weeks ago
  • Sport
    One Stars lift Jazzman Challenges U13 trophy
    3 weeks ago