National

Ugadla kakhulu kwabamnyama umdlavuza wendlala yesinye (Prostate Cancer)

Umdlavuza wendlala yesinye kwabesilisa, iProstate Cancer, igadla kakhulu kubantu abamnyama kanti lokhu kuhlaluke emkhankasweni obuseMlaza, ngoMgqibelo.

Admin
November 14, 2023

Umdlavuza wendlala yesinye kwabesilisa, iProstate Cancer, igadla kakhulu kubantu abamnyama kanti lokhu kuhlaluke emkhankasweni obuseMlaza, ngoMgqibelo.

UMnuz Dumisani Pakkies onalo mdlavuza osebenza ngaphansi kweProstate Cancer Foundation, uthe ngokocwaningo kuvela ukuthi lo mdlavuza ugadla kakhulu kubantu abamnyama ngenxa yofuzo olukubona.

Uthe yize kunjalo, iningi labantu abamnyama lisacabanga ukuthi uyisifo sabamhlophe ngoba libona bona bejwayele ukusukuma babonakale benza imikhankaso yokuqwashisa, kunabamnyama okuyibona abasengcupheni yokuthi baphathwe umdlavza.

UPakkies ubehambisana nePhumlani Dube Foundation emkhankansweni wokuqwashisa ngalo mdlavuza, okuhambisana nokuthi le nyanga – ngokwekhalenda lezempilo – isetshenziselwa ukuqwashisa ngomdlavuza wendlala yesinye.

UPakkies (53) wathola ukuthi unalo mdlavuza ngo-2020 ususesigabeni sesithathu okuyisigaba lapho umdlavuza usuke ususababalele nakwezinye izingxenye zomzimba.”Uhambo engiluhambile ngesikhathi ngilashwa lunzima, luhlanganisa ukuhlinzwa, ukulala esibhedlela ezinsuku ezingabalwa. Kungakho ngathatha isinqumo sokuthi ngizophuma ngiqwashise amadoda ngalesi sifo ngoba angifisi ukuthi kube nendoda ezohamba lolu hambo engikulo. Ngisengcupheni yokuba ngidlule emhlabeni ngenxa yalesi sifo ngoba satholakala sesihambe kakhulu,” kusho yena.

Uthe amadoda amaningi uma kukhulunywa ngokuzihlolela lesi sifo ayesaba ngoba kwesinye isikhathi odokotela basebenzisa umunwe ufakwe embobeni yokuzikhulula ukuze bezwe indlala.”Akuyona kuphela indlela yokuhlola ekhona. Kukhona eyokuhlolwa igazi i-prostate specific antigen (PSA) neyokuthathwa isicubu, amadoda awangesabi,” usho kanjena.

UMnuz Jimmy Mngadi obezozihlola, uthe ucwaningo luyaveza ukuthi uma usuneminyaka engu-40 kuya phezulu kusuke sekungenzeka uphathwe ilo mdlavuza.

“Ukuya emtholampilo kuyesabeka kithina besilisa kodwa ukuze endaweni enjengale lapho ufica khona amanye amadoda efundisa ngesifo anaso, kuyakhulula,” kusho yena.

UDube uthe ezinye izinto eziwumthelela ekuhlaselweni ilo mdlavuza indlela abantu abaphila ngayo.

“Ukukhuluphala ngokweqile okudalwa ukudla inyama ebomvu, ukudla okunamafutha, ngezinye zezinto esikhulume ngazo namadoda ukuze aziqaphele,“ kusho uDube.

Umthombo: Isolezwe

Did this story inform, inspire or affect you?

Do not let important community news stop with you. Share this article with two friends, relatives or neighbours and help more people stay informed about what is happening in Orange Farm and surrounding areas.

Follow Orange Farm News for trusted local reporting, community voices, breaking news and stories that matter.

Like it. Share it. Talk about it.

Join us on:

Together, we keep our community informed and connected.

Read more stories by

Admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Related Stories
  • Government announces R10bn fuel levy relief for motorists
    1 week ago
  • Gauteng opens applications for 2026 summer initiation schools
    2 months ago
  • Thirty years of waiting, a memoir and a trial: conviction in Tupac Shakur killing brings closure
    2 months ago
  • SASSA confirms September 2026 grant payment dates
    2 months ago

More stories like this

  • Business, Current Issues, Local, National
    Elections and the information integrity crisis: Why SA’s human rights body is taking action
    2 months ago
  • Crime, National
    Orange Farm cop killed in mine dispute 
    3 months ago
  • Local, National, News
    Postbank issues last call for SASSA Gold Cards renewal
    3 months ago