National

Ufisa ukusebenza noKelly owine kuma-Idols

Ufisa ukusebenza noKelly Khumalo, uThabo Ndlovu waseMpumalanga, eWitbank ngoMgqibelo othweswe isicoco sokugcina ohlelweni lomculo ama-Idols SA. UThabo ubesesele nentokazi engumkhaya wakhe uPrincess, ephume isibili kulolu hlelo.

Admin
November 9, 2023

Ufisa ukusebenza noKelly Khumalo, uThabo Ndlovu waseMpumalanga, eWitbank ngoMgqibelo othweswe isicoco sokugcina ohlelweni lomculo ama-Idols SA. UThabo ubesesele nentokazi engumkhaya wakhe uPrincess, ephume isibili kulolu hlelo.

Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi ukuvotelwa abantu akade bengamazi ukuze athathe isicoco salolu hlelo ikhona okumthobisa kakhulu.

“Namanje ngike ngithule ngicabange, ngenxa yokuthi kuningi okusenzeka emqondweni wami selokhu ngidle umhlanganiso. Ngijabule kodwa futhi ngisathukile kancane sekwenzeke konke ke kodwa nginokubonga, ngiyazithoba kuwona wonke umuntu ongivotele kusuka kwabangaziyo ekhaya nabangangazi kuleli ababe nothando lwami ngesikhathi bengibona. Kuningi okwenzeka kulolu hlelo okukushiya ukhathele kodwa ngenxa yokufuna ukufeza amaphupho ethu, siyasebenza izinsuku ezingaphezu kwezimbili silungiselela uhlelo, sifunda izingoma esingazazi siphinde sifundiswe nje ngendima yomculo nokuyinto ethatha wonke amandla osuke unawo,” kusho uThabo.

Uthe manje uhlela izinto empilweni yakhe ukuze abone ukuthi indima yomculo izombeka kuphi.“

Abakuleli ngifuna bangangazi ngalo Thabo abambona kuma-Idols, ngifuna bangazi ukuthi ngiwubani ngaphandle nje komculo. Ngihlela ukuba sebantwini kakhulu, njengoba bengenza ngingakabi sohlelweni. Bengiphila ngokuhambela imicimbi ehlukene ngijabulise abantu ngomculo, namanje ngihlele ukuthi ngingakuyeki lokho,” kuchaza yena.

Uveze ukuthi ubengaqali ukuba yingxenye yalo mcimbi, njengoba ake waba kwisizini ka 16, wakhishwa kuyo zisuka.Uthe kule minyaka emibili ayihlalile engabuyi kulolu hlelo, ubefuna ukuxhumana noNkulunkulu, ukuze ahambe naye kule sizini ayiwinile. Uphethe ngokuthi umculo wokholo yiwona abewenza kakhulu, futhi uyakholelwa ekutheni angalwenza uhlobo lomculo we-afro-pop. Unxuse abalandeli bakhe ukuthi bayithenge futhi bayijabulele ingoma yakhe entsha ethi Isilungu.

Umthombo: Isolezwe

Did this story inform, inspire or affect you?

Do not let important community news stop with you. Share this article with two friends, relatives or neighbours and help more people stay informed about what is happening in Orange Farm and surrounding areas.

Follow Orange Farm News for trusted local reporting, community voices, breaking news and stories that matter.

Like it. Share it. Talk about it.

Join us on:

Together, we keep our community informed and connected.

Read more stories by

Admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Related Stories
  • Government announces R10bn fuel levy relief for motorists
    1 week ago
  • Gauteng opens applications for 2026 summer initiation schools
    2 months ago
  • Thirty years of waiting, a memoir and a trial: conviction in Tupac Shakur killing brings closure
    2 months ago
  • SASSA confirms September 2026 grant payment dates
    2 months ago

More stories like this

  • Business, Current Issues, Local, National
    Elections and the information integrity crisis: Why SA’s human rights body is taking action
    2 months ago
  • Crime, National
    Orange Farm cop killed in mine dispute 
    3 months ago
  • Local, National, News
    Postbank issues last call for SASSA Gold Cards renewal
    3 months ago