National

Bahlose ukukhulisa isiZulu ngemidlalo yaseNdiya

Isasasa elibonakale kwethulwa isiteshi esisha, iZee Zonke(DStv 169), yilona abahlose ukulibona abasunguli besiteshi semidlalo ehlukene yaseNdiya kodwa okukhulunywa kuyo isiZulu.

Admin
October 10, 2023

Isasasa elibonakale kwethulwa isiteshi esisha, iZee Zonke(DStv 169), yilona abahlose ukulibona abasunguli besiteshi semidlalo ehlukene yaseNdiya kodwa okukhulunywa kuyo isiZulu.

Lokhu kuvezwe wuSomnath Malakar oyisikhulu seZee Entertainment kuleli. Ekhuluma ngesasasa elibe khona ezinkundleni zokuxhuamana, uSomnath uveze ukuthi bakhethe ulimi isiZulu ngenxa yokuthi lungolunye lwesiNguni, olukhulunywa kakhulu kuleli njengoba bebalelwa ku-27.8 million abantu abalukhulumayo kuleli.

Uthe kulesi siteshi esikhombisa imidlalo ehlukene ubusuku nemini, bayazi ukuthi bazoqhubeka nabo nokukhulisa ulimi njengoba isiteshi singeke sijatshulelwe ngabamnyama kuphela.

“Ukulethela abantu injabulo yikhona esikuhlose kakhulu, ngakho sibone ukuthi kesenze into ebingacatshangwa muntu, esaziyo ukuthi iwumsebenzi kodwa manje asizisoli nakancane njengoba abantu bekhombise ukuyithakasela futhi yenza kahle kakhulu. Sibonile ukuthi abantu bajabule kanjani bebona imidlalo la abomdabu baseNdiya kungathi bakhuluma ulimi isiZulu. Sibheke phambili ekutheni senze umlando ngalokhu, esikwenzile futhi sivule amathuba omsebenzi ahlukene kuleli,” kuchaza uSomnath.

Uthe yize bekukhona ukungabaza ngendlela okuzomukelwa ngayo lesi siteshi kodwa manje bayabona ukuthi akusekho ukuhlehla, sekumele balethe okudingwa ngabantu.

“Imidlalo ezobonala equkethe uthando, izinkinga zemindeni, izinkinga zomphakathi nokunye okuningi kodwa injongo enkulu wukuthi abantu ibashiye bejabule, eminye ibashiye nemibuzo, okuyinto umdlalo okumele ube yiyo,” kuchaza yena.

Uthe imidlalo yalolu hlobo bayethula e-Afrika kwiDStv ngo-1996, futhi manje ngemuva kweminyaka engu-25, manje isikhonjiswa emazweni ahlukene angaphezu kwayishumi.

Did this story inform, inspire or affect you?

Do not let important community news stop with you. Share this article with two friends, relatives or neighbours and help more people stay informed about what is happening in Orange Farm and surrounding areas.

Follow Orange Farm News for trusted local reporting, community voices, breaking news and stories that matter.

Like it. Share it. Talk about it.

Join us on:

Together, we keep our community informed and connected.

Read more stories by

Admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Related Stories
  • Government announces R10bn fuel levy relief for motorists
    1 week ago
  • Gauteng opens applications for 2026 summer initiation schools
    2 months ago
  • Thirty years of waiting, a memoir and a trial: conviction in Tupac Shakur killing brings closure
    2 months ago
  • SASSA confirms September 2026 grant payment dates
    2 months ago

More stories like this

  • Business, Current Issues, Local, National
    Elections and the information integrity crisis: Why SA’s human rights body is taking action
    2 months ago
  • Crime, National
    Orange Farm cop killed in mine dispute 
    3 months ago
  • Local, National, News
    Postbank issues last call for SASSA Gold Cards renewal
    3 months ago