National

Uphelezelwe umphakathi uXolani weMoja Love ezinikela emaphoyiseni

Uphelezelwe amalungu enhlangano eqapha ezokuphepha emphakathini umethuli wohlelo iSizokuthola uXolani Khumalo. UKhumalo ephelezelwe abe-Ekurhuleni Thatha-Zonke Anti-crime Unit eyozinikela emaphoyiseni aseKatlehong.

Admin
July 27, 2023

Uphelezelwe amalungu enhlangano eqapha ezokuphepha emphakathini umethuli wohlelo iSizokuthola uXolani Khumalo. UKhumalo ephelezelwe abe-Ekurhuleni Thatha-Zonke Anti-crime Unit eyozinikela emaphoyiseni aseKatlehong.

Kwividiyo efakwe enkundleni uTwitter, uXolani ubonge amalungu omphakathi ngokumeseka njengoba emphelezele esiteshini samaphoyisa.“Into engifuna ukunitshela yona sizoqhubeka sisebenze, le nto eyenzekile amanye amaphoyisa awayenzi,” kusho yena etshela abebemphelezela.

Uqhubeke wathi amaphoyisa athe azoxhumana naye uma sekukhona ulwazi aludingayo kuyena. Isiteshi asebenza ngaphansi kwaso iMoja Love siveze ukuthi kukhona uphenyo olwenzayo ngemuva kokuvela kwezinsolo zokuthi owayesolwa ngokudayisa izidakamizwa, uRobert “Kicks” Varrie, kuthiwa washona ngemva kokuthelwa ngenduku kuthiwa akakhiphe izidakamizwa okwakusola ukuthi uzithukuse endlini yakhe.

Isigameko kuthiwa senzeka kuqoshwa uhlelo ngoLwesithathu ngeledlule, siphethe ngokushona komlisa okuthiwa waphuthunyiswa esibhedlela eThelle Mogoerane, eVosloorus, kwagcina kumanele. Amaphoyisa kuthiwa aphenya icala lokubulala.

Iphephandaba eliphuma ngeSonto, iCity Press, liveze ukuthi ithimba labaqopha iSizokuthola, elalihlomile liphelekezelwa wuphiko lomphakathi olulwa nobugebengu iThatha-Zonke, oludume ngokusebenzisa isankahlu esifaniswa naleso esasisetshenziswa ngesikhathi sobandlululo, lagasela emzini kamsolwa.

UNozwakazi Cekete okhulumela isiteshi uthe kuvela ukuthi isigameko senzeka ngoJulayi 19, eKatlehong, Ekurhuleni, ithimba leSizokuthola lalithole ukuthi kukhona izidakamizwa.“Esingakuqinisekisa ukuthi ngokwethu ulwazi olutholwe yithimba lalolu hlelo nabantu esasisebenza nabo emphakathini, beluyilona. Siyakuqonda ukuthi ngesikhathi kugaselwa lapho babeya khona ithimba lalihambisana nabomthetho,”kusho uNokwazi.

“Umsolwa obenezidakamizwa manje ongasekho emhlabeni wanqaba ukusebenzisana nomthetho nethimba lomphakathi elilwa nobugebengu ababewufake umfaniswano wabo oveza ukuthi bangobani,” kuchaza uNozwakazi.

Umthombo: Isolezwe

Did this story inform, inspire or affect you?

Do not let important community news stop with you. Share this article with two friends, relatives or neighbours and help more people stay informed about what is happening in Orange Farm and surrounding areas.

Follow Orange Farm News for trusted local reporting, community voices, breaking news and stories that matter.

Like it. Share it. Talk about it.

Join us on:

Together, we keep our community informed and connected.

Read more stories by

Admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Related Stories
  • Government announces R10bn fuel levy relief for motorists
    2 weeks ago
  • Gauteng opens applications for 2026 summer initiation schools
    2 months ago
  • Thirty years of waiting, a memoir and a trial: conviction in Tupac Shakur killing brings closure
    2 months ago
  • SASSA confirms September 2026 grant payment dates
    2 months ago

More stories like this

  • Business, Current Issues, Local, National
    Elections and the information integrity crisis: Why SA’s human rights body is taking action
    2 months ago
  • Crime, National
    Orange Farm cop killed in mine dispute 
    3 months ago
  • Local, National, News
    Postbank issues last call for SASSA Gold Cards renewal
    3 months ago