National, Politics

Seludaluliwe usuku lokufihlwa kukaShenge

Uzofihlwa ngoLwesihlanu umsunguli we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi. Lesi simemezelo sikhishwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, izolo ntambama, othe baziswe ngumndeni emva komhlangano.

Admin
September 11, 2023

Uzofihlwa ngoLwesihlanu umsunguli we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi. Lesi simemezelo sikhishwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, izolo ntambama, othe baziswe ngumndeni emva komhlangano.

Uthe umndeni ukuvezile ukuthi uzofihlwa ngezi 15 Mandulo. “Kuyaqhubeka ukuxhumana phakathi komndeni neHhovisi likaMengameli ngezinhlelo zomngcwabo. Ezinye izimemezelo ezithinta ezinye izinto ezizobe zimenyezelwa zizomenyezelwa maduzane,” kusho uNkk Dube-Ncube.

UShenge undlule emhlabeni ngoMgqibelo ekuseni emva kokudunguzela. UNkk Dube-Ncube uveze ukuthi kunetende elingaphandle komuzi kaShenge, KwaPhindangene eMahlabathini lapho abafika bezobhonga emswaneni bethi gozololo khona.

“Umndeni ubonge abantu bakuzona zonke izinkalo kuleli ngokubeseka nokubathumela imiyalezo yendunduzo ngalesi sikhathi.” UNkk Dube-Ncube akazange ayiveze eyokuthi inkonzo yokukhumbula uShenge izoba nini njengoba silobe kusaqhubeka umhlangano.

Kodwa ngokwemibiko ebilokhu ivela ebingaqinisekisiwe njengoba umndeni ubungakamemezeli, bekubikwa ukuthi le nkonzo ingase ibe ngoLwesithathu, khona oLundi.

Abaholi abahlukene kanjalo nomphakathi jikelele balokhu bengena bengenile ekhaya likaShenge ukuzobhonga emswaneni. Kuphinde kwavela ukuthi ithimba elivela eNdlunkulu, kungenzeka litheleke namhlanje KwaPhindangene, ukuyobhonga emswaneni.

UShenge ubenguNdunankulu kaZulu, esebenza eduzane neSilo uMisuZulu kaZwelithini.

Umthombo: Isolezwe

Did this story inform, inspire or affect you?

Do not let important community news stop with you. Share this article with two friends, relatives or neighbours and help more people stay informed about what is happening in Orange Farm and surrounding areas.

Follow Orange Farm News for trusted local reporting, community voices, breaking news and stories that matter.

Like it. Share it. Talk about it.

Join us on:

Together, we keep our community informed and connected.

Read more stories by

Admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Related Stories
  • Government announces R10bn fuel levy relief for motorists
    1 week ago
  • Gauteng opens applications for 2026 summer initiation schools
    2 months ago
  • Thirty years of waiting, a memoir and a trial: conviction in Tupac Shakur killing brings closure
    2 months ago
  • SASSA confirms September 2026 grant payment dates
    2 months ago

More stories like this

  • Business, Current Issues, Local, National
    Elections and the information integrity crisis: Why SA’s human rights body is taking action
    2 months ago
  • Crime, National
    Orange Farm cop killed in mine dispute 
    3 months ago
  • Local, National, News
    Postbank issues last call for SASSA Gold Cards renewal
    3 months ago