National

Kukhona okusina kumjeqeza obezenza udokotela ezinkundleni zokuxhumana

Usotakwini unontandakubukwa obezenza udokotela enkundleni uTik Tok. Lo mlisa osemncane odume ngelikaDkt Matthew Lani ube nyamanambana ngesikhathi iNyuvesi iWits imphika bukhoma ngemuva kokuveza ukuthi iziqu zobudokotela wazithola kuyo.

Admin
October 10, 2023

Usotakwini unontandakubukwa obezenza udokotela enkundleni uTik Tok. Lo mlisa osemncane odume ngelikaDkt Matthew Lani ube nyamanambana ngesikhathi iNyuvesi iWits imphika bukhoma ngemuva kokuveza ukuthi iziqu zobudokotela wazithola kuyo.

Le nyuvesi ikubeke kwacaca ukuthi kayinalo irekhodi lakhe njengomfundi wakhona. Lo mlisa waveza ukuthi igama lakhe nguSanele Zingelwa, kodwa kubuye kwavela ukuthi usenga ezimithiyo ngoba lelo yigama lelinye ibhungu eliqeqeshwa njengodokotela ofundayo esibhedlela iTembisa Provincial Tertiary Hospital.

Lokhu kumenze waba nesigcwagcwa emphakathini nakubalandeli bakhe njengoba uZingelwa wangempela esemvulele icala lenkohlakalo ngokuzenza yena.

Namuhla uMnyango wezeMpilo eGauteng uveze ukuthi uzomvulela icala lo mlisa njengoba uMkhandlu Wobungcweti Bezempilo waseNingizimu Afrika (iHPCSA) nawo uqinisekise ukuthi kawunalo igama laleli bhungu ohlwini lwayo lwabasebenza kuwona.

UMotalatale Modiba okhulumela umnyango uthe: “Kuvulwe icala lobugebengu ngokuhambisana nomthetho wabasebenzi bezempilo okungumthetho 56 of 1974 oveza ukuthi ukusebenza ube ungabhalisiwe ngaphansi komkhandlu iHPCSA, kuyicala ukwenza umsebenzi ungabhalisiwe nabeHPCSA kuyicala futhi ukuthi noma yimuphi umuntu osebenzisa noma yiliphi igama, isihloko, incazelo noma uphawu olubonisa, noma obalelwe ukuholela abantu ekutheni bacabange ukuthi unegunya lanoma yiziphi iziqu.”

Uthe esebuzwa ngodaba lwakhe lwamanga kwi-podcast kaPhiwe Live, leli bhungu lithe: “UMatthew Bongani Lani yigama likamfowabo futhi nguyena umnikazi wenkampani asebenza ngayo. Isibongo sikaLani ngesakomalume, empeleni yena usebenzisa esihlukile esikayise.”

Lokhu kuphambene nenkulumo ake ayiveza yaphambilini ezingxoxweni zakhe zamihla namalanga lapho aveza khona ukuthi isibongo sikaLani waziqambela sona-nje akahlanganise lutho naso.Kuthe kusabhekwe lokho namacala avulelwa wona, kwenzeka isimanga kuyo inkundla Tik Tok ivala i-akhawunti yakhe esaveteza izindaba njengenhlalayenza.

I-akhawunti yakhe ivalwe esachaza ngobuhlungu bokuvalwa ngumuntu ezinkundleni zokuxhumana, esabhala umlayezo.

Umthombo: Isolezwe

Did this story inform, inspire or affect you?

Do not let important community news stop with you. Share this article with two friends, relatives or neighbours and help more people stay informed about what is happening in Orange Farm and surrounding areas.

Follow Orange Farm News for trusted local reporting, community voices, breaking news and stories that matter.

Like it. Share it. Talk about it.

Join us on:

Together, we keep our community informed and connected.

Read more stories by

Admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Related Stories
  • Government announces R10bn fuel levy relief for motorists
    1 week ago
  • Gauteng opens applications for 2026 summer initiation schools
    2 months ago
  • Thirty years of waiting, a memoir and a trial: conviction in Tupac Shakur killing brings closure
    2 months ago
  • SASSA confirms September 2026 grant payment dates
    2 months ago

More stories like this

  • Business, Current Issues, Local, National
    Elections and the information integrity crisis: Why SA’s human rights body is taking action
    2 months ago
  • Crime, National
    Orange Farm cop killed in mine dispute 
    3 months ago
  • Local, National, News
    Postbank issues last call for SASSA Gold Cards renewal
    3 months ago