USphelele Mbambo, owaziwa kakhulu ngo Zyamfisa, usaqhubeka nokuzakhela igama eliqinile emculweni woMaskandi kusukela aqala ngo-2024. Umculi owakhulela eDrieziek 1 ukhombise ithalente lakhe eliqinile nge-EP yakhe ethi Mechanic, ekhishwe ngonyaka odlule Lwezi, futhi manje uselungiselela iphrojekthi entsha ezophuma ngemuva kwephasika
Umculo kaZyamfisa ugxile kakhulu kwimpilo, njengothando nezindaba zentsha. Uthi: “Ngifuna abantu bazizwe behlanganyela nezingoma zami, ngoba zikhuluma ngezinto ezenzeka empilweni yabo yansuku zonke.”
Ngaphandle kwe-Mechanic, abalaleli bangathokozela nezinye izingoma zakhe ezifana ne-Isbhmu kanye ne-Ay’nabungozi ezitholakala kuzo zonke izinkundla zomculo eziku-inthanethi.
Njengomculi osakhulayo, Zyamfisa usebenzisa izinkundla zokuxhumana ezifana neFacebook neTikTok ukuze akhulise igama lakhe futhi afinyelele izethameli eziningi. ]























