Crime, National

Uxoshiwe umfundisi othele umchamo etiyeni lomyeni

Admin
November 6, 2024

Umfundisi webandla lodumo eMtubatuba, obesekhathele ngumyeni ojolayo, umphuzise umchamo ngokuwufaka enkomishini yetite ‘emjezisa’ ngokubukisa ngaye njengoba kuthiwa ujola isidina.

Umyeni kaMfundisi Siphelele Khumalo (40), ohola ibandla iHope of Christ, uthe uma eceba unkosikazi wakhe esigungwini sebandla ngokumphuzisa umchamo, isigungu sakhetha ukumxosha ebandleni. Kuthiwa umyeni uMnuz Bongani Khumalo (55), utshele isigungu ukuthi asithathe isinqumo ngonkosikazi wakhe ngoba ‘ umhlukumezile’.

“Okuyikhona okufike kwacika kakhulu isigungu sebandla ukuthi avume ebese ezeseka ngokuthi ubemlaya. Avele athukuthela kakhulu amalungu esigungu uma umfundisi evuma nje kalula engathi wenze into encane,’’ usho kanjena.

Umthombo uveza ukuthi bese kunesikhathi eside bungahambi kahle ubudlelwano phakathi kwabo bobabili kangangoba, sekuze kwaba amahlandla amathathu owesifazane esikaza ukufaka incwadi yesehlukaniso.Isolezwe Ngempelasonto lithinte umfundisi waqale wabuza ukuthi intatheli iluthole kanjani udaba.

Emva kwalokho uthe akazisoli ngakwenzile kumyeni wakhe. Uthe uma engathola elinye ithuba angaphinda akwenze lokhu.”Usengaze agijime aye emaphepheni ngomchamo nje kuphela. Kukangaki yena engona? Umbuzile ukuthi usekhulelise kangaki ngaphandle komshado selokhu sashada,” ubuze kanjena. Uchaze umyeni wakhe njengowesilisa ofanelwe yisijeziso esingaphezulu kwalesi somchamo. Usole isigungu sebandla ngokuthi sicheme nomuntu wesilisa.

“Vele phela bebengeke baze bangilalele mina ngoba ngingumuntu wesifazane,” usho kanje. Uveze ukuthi uthuthile nasemzini wabo oseMtuba, waphindela kubo eNtuzuma.Umyeni uthe uzizwa engento yalutho njengoba ephuziswe umchamo. Wathi kuthe eliphuza itiye wezwa ukuthi umchamo. Uthi kwathi uma embuza umkakhe wavuma wase ethi usengaze akhalele ukuthi uphuziswe umchamo nje, ekubeni yena ezitika ngocansi nabesifazane abehlukene.

“Akusiyena umfundisi loya muntu wesifazane, uthunywe ngusathane nje kimina. Futhi ngiyalingwa,’’ usho kanje.Wadalula nokuthi sebehlukene futhi akazimisele ngokuthi kube khona abakuxoxayo. “Ayikho into engizoyikhuluma naye ngoba vele akafuni nokuzala uthi uyesaba,’’ usho kanje.Ilungu elisesigungwini sebandla elicele ukuba kugodlwe igama lalo likuqinisekisile ukuthi bamxoshile umfundisi ebandleni.

Umthombo: Isolezwe

Did this story inform, inspire or affect you?

Do not let important community news stop with you. Share this article with two friends, relatives or neighbours and help more people stay informed about what is happening in Orange Farm and surrounding areas.

Follow Orange Farm News for trusted local reporting, community voices, breaking news and stories that matter.

Like it. Share it. Talk about it.

Join us on:

Together, we keep our community informed and connected.

Read more stories by

Admin
Related Stories
  • Government announces R10bn fuel levy relief for motorists
    5 days ago
  • No arrests after armed gang bombs four ATMs, flees with bag of cash in Orange Farm
    2 weeks ago
  • Seven accused in Emfuleni electricity fraud case granted bail
    1 month ago
  • Orange Farm bucks Gauteng crime decline as hijackings, robberies and kidnappings surge
    1 month ago

More stories like this

  • Crime
    R1.5 million hydroponic dagga lab uncovered in De Deur
    2 months ago
  • Crime
    Orange Farm tops SA for truck hijackings as cases surge
    2 months ago
  • National
    Gauteng opens applications for 2026 summer initiation schools
    2 months ago