National

Ucela imikhuleko umndeni kaDa L.E.S, oshaywe isifo sohlangothi (stroke)

Admin
July 31, 2024

Umndeni womrepha uLeslie Jonathan Mampe, Jr odume ngelikaDa L.E.S usuveze ukuthi ushaywe isifo sohlangothi ngesonto eledlule esekhaya. Lokhu kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi uDa L.E. S kukhona imicimbi akade eqashwe kuyo angabanga yingxenye yayo.

Esitatimendeni esikhishwe umndeni waKwaMampe bavthe yize esesimweni esithembisayo esibhedlela kodwa bayayidinga imithandazo yabantu bakuleli.

“Njengomndeni siyadabuka ukunazisa ukuthi umculi wenu enimthandayo uDa L.E.S uhlaselwe isifo sohlangothi ngoLwesihlanu esekhaya, nokuholele ekutheni simphuthumise esibhedlela. Yize esesimweni esigculisayo, kodwa bonke abasondelene naye kusenzima futhi siyanxusa ukuthi nisibeke emkhulekweni njengoba sibhekene nalesi simo esinzima,” kuchaza umndeni waKwaMampe.

Bathe uma kukhona okunye okuthinta impilo yakhe ngokuhamba kwesikhathi bazoqhubeka nokwazisa umphakathi.

Babonge ukuxhaswa abantu abahlukene abasondelene nalo mculi.Ukuvela kwalezi zindaba kuthinte abaningi njengoba abanye bethe lo mculi usemncane futhi bakhumbula owayengumngani wakhe ongasekho uKiernan Forbes odume ngelika-AKA odlule emhlabeni ngonyaka odlule.Ezinkundleni zokuxhumana abantu bamfisele ukululama okusheshayo lo mrepha.

U-@MakiMarish uthe “Ngifisela uDa L.E.S ukululama ngokushesha, usemncane futhi kuningi asengakwenza empilweni”.U-@zinn_le uthe “Asimkhulekeleni uDa L.E.S. Ngimfisela ukululama ngokushesha”.U-@thaboreagan uthe “Eish kodwa uLeslie naye, nginesiqiniseko sokuthi khona la eqise khona kulezi zinto abazidlayo. Kodwa sengathi ungalulama ngokushesha mfanaka”.

Kwenzeka lokhu emasontweni adlule uDa L.E.S ubengomunye wabasebenzi abebezogcona uMinnie Dlamini ohlelweni olukhonjiswa kwiShowmax iThe Roast of Minnie Dlamini.Kosaziwayo akade enabo kubalwa uTrevor Gumbi, Shahan Ramkissoon, Celeste Ntuli, Lasizwe, Penny Lebyane, Siv Ngesi noRobert Marawa.

Umthombo: Isolezwe

Did this story inform, inspire or affect you?

Do not let important community news stop with you. Share this article with two friends, relatives or neighbours and help more people stay informed about what is happening in Orange Farm and surrounding areas.

Follow Orange Farm News for trusted local reporting, community voices, breaking news and stories that matter.

Like it. Share it. Talk about it.

Join us on:

Together, we keep our community informed and connected.

Read more stories by

Admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Related Stories
  • Government announces R10bn fuel levy relief for motorists
    4 weeks ago
  • Gauteng opens applications for 2026 summer initiation schools
    3 months ago
  • Thirty years of waiting, a memoir and a trial: conviction in Tupac Shakur killing brings closure
    3 months ago
  • SASSA confirms September 2026 grant payment dates
    3 months ago

More stories like this

  • Business, Current Issues, Local, National
    Elections and the information integrity crisis: Why SA’s human rights body is taking action
    3 months ago
  • Crime, National
    Orange Farm cop killed in mine dispute 
    4 months ago
  • Local, National, News
    Postbank issues last call for SASSA Gold Cards renewal
    4 months ago