I-Khoroni Men’s Forum, inhlangayo yaseOrange Farm, eqalwe ngamadoda. Ngenhloso yokwakhana nokugqugquzela ukuba amadoda akhulume ngezinkinga abhekane nazo empilweni angafeli ngaphakathi.
Abesilisa beKhoroni bahlangana njalo ngolwesithathu eOld Multipurpose Centre. Lapho baxoxa, bafundiswe ngezifo ezifana neHIV/AIDS, sugar diabetes, high blood pressure, prostrate cancer nokunye okuningi.
I-Khoroni Men’s Forum ikhumbuza abantu ukuthi amadoda nawo abantu bayabuzwa ubuhlungu ayikho into yokuthi indoda ayikhali.
Amadoda ahlangabezana nezinkingi ezifana nokungasebenzi kanye nokuhlukunyezwa kodwa aye asabe ukukhuluma noma ukubika lokhu ngoba esaba ukwahlulelwa noma ukuhlekwa. Lokhu kubanga incindezi emqondweni agcine ezibulala.
Lenhlangano imema abesilisa ukuthi beze bazofunda futhi bathole usizo. Ofuna ukwazi kabanzi angashayela kulenombolo 065 537 5063.






















