National

Isidumo uZimdollar ethuka uMthandeni emphuca umbhobho

Kusuke isidumo emcimbini iMother of All Maskandi Festival ePeople’s Park, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku uZimdolllar ethuka futhi ephuca umbhobho uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele esiteji.

Admin
April 8, 2024

Kusuke isidumo emcimbini iMother of All Maskandi Festival ePeople’s Park, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku uZimdolllar ethuka futhi ephuca umbhobho uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele esiteji.

UMthandeni ungene esiteji wamemeza wathi, “izandla phezulu sekufike inkosi kamaskandi manje”. Ukusho lokhu ngaphambi kokuqala ingoma namagidangoma akhe egcwele esiteji.

Emva kwesikhashana uthe evumisa izethameli ingoma kwakhona owesilisa okungathi umtshela ukuthi akahume.

“Bafowethu isiphelile i-airtime, basho njalo abahleli bomcimbi,” kusho uMthandeni.

Uthe esachaza kwaqhamuka uZimdollar ovele wamphuca umbhobho wathi “fus%\$i!”Abantu bavele bajikijela esiteji izigubhu namabhodlela.

“Sifuna ukunitshela, noma ningasishaya. Sifuna ukunitshela ukuthi kwenzakaleni.”Uthe ngokwesikhathi abenikezwe sona bekungamele angene sekuqale i-top 30 yabaculi abebesembangweni weToyota Quantum egcine iwinwa wuGatsheni.“Noma ningasishaya, noma ningenzani angifuna mina ukonelwa umcimbi wumuntu ongasigcinanga isikhathi. Fu%\$i wena!” kusho uZimdollar.

Abantu bebephuma ngobuningi babo emcimbini badela imvula ebihambisana namakhaza.

Umthombo: Isolezwe

Did this story inform, inspire or affect you?

Do not let important community news stop with you. Share this article with two friends, relatives or neighbours and help more people stay informed about what is happening in Orange Farm and surrounding areas.

Follow Orange Farm News for trusted local reporting, community voices, breaking news and stories that matter.

Like it. Share it. Talk about it.

Join us on:

Together, we keep our community informed and connected.

Read more stories by

Admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Related Stories
  • Government announces R10bn fuel levy relief for motorists
    4 weeks ago
  • Gauteng opens applications for 2026 summer initiation schools
    3 months ago
  • Thirty years of waiting, a memoir and a trial: conviction in Tupac Shakur killing brings closure
    3 months ago
  • SASSA confirms September 2026 grant payment dates
    3 months ago

More stories like this

  • Business, Current Issues, Local, National
    Elections and the information integrity crisis: Why SA’s human rights body is taking action
    3 months ago
  • Crime, National
    Orange Farm cop killed in mine dispute 
    4 months ago
  • Local, National, News
    Postbank issues last call for SASSA Gold Cards renewal
    4 months ago