National

Owawina kwiBig Brother Mzansi usengena emculweni

Owanqoba kwiBig Brother Mzansi nyakenye, uMpho waBadimo, usethathe isinqumo sokungena emculweni. Lokhu kuza emva kokuthi eveze ukuthi uzokhipha iculo lakhe lokuqala iBonga, elizophuma ngoNovemba.

Admin
October 29, 2023

Owanqoba kwiBig Brother Mzansi nyakenye, uMpho waBadimo, usethathe isinqumo sokungena emculweni. Lokhu kuza emva kokuthi eveze ukuthi uzokhipha iculo lakhe lokuqala iBonga, elizophuma ngoNovemba.

Uthe ukungena emculweni yinto abevele enesifiso sayo kusuka kudala futhi uthemba ukuthi iwona ozomenza alulame ezimweni adlule kuzona.

“Ngokuqamba iBonga, yindlela yokubonga ezintweni ezinhle nezimbi engidlule kuzona. Kafushane nje ngiyabonga nje konke engidlule kukhona,” kusho uMpho wa Badimo.

Uthe iculo lakhe elisha liyi-Afro Tech exube nomsindo wamaPiano. Uthe okwamanje yilapho esafuna ukuqala khona. Kuleli culo lakhe uthe usebenze nabantu abehlukene okukhona kuyona u-AirBurn onguphrojusa noMlindo The Vocalist noSage noStar Healer.

Uthe okwamanje uzolkhu ekhipha amasingili ewamaketha futhi akazimisele ngokuzibophezela kwi-albhamu kuze kube umculo wakhe uyabona ukuthi usungenile kubantu. Emva kokuwina kwiBig Brother Mzansi lapho ahamba khona no-R2 million, uke waba sohlelweni lobeyindoda yakhe uThemba Broly, obelubizwa ngeMy Ink World. 

Kulona izinto izinto bezibukeka zingahambi kahle phakathi kwakhe noThemba. Kuze kwathi ngoMashi kulo nyaka, wamemezela ukuthi sebehlukene noThemba, ebalisa ngokuthi uzokhulisa ingane yedwa. Uma ebuzwa ngobudlelwane bakhe noThemba, akafunanga ukuyiphendula leyo, kodwa uvele wathi konke kuhamba kahle emndenini wakhe.

Uthe unobudlelwano obuhle namadodana akhe, umfowabo nonina, athi yibona abahlala beseduze kwakhe. Ngasohlangothini lokwelapha uthe namanje useyisangoma futhi usaqhubeka nokuhlolela abantu.

Ngokulapha uthe awukho umuthi iwona anamandla kuwona kakhulu ngenxa yokuthi uhlangana nabantu abanezinkinga ezahlukene akwazi ukubasiza kunoma iyiphi inkinga. Indlela ayisebenzisayo ukuhlolela abantu uthe akazimisele ukuyidalula ngenxa yokuthi uke wahlangabezana nezinto ezinzima phambilini.

Umthombo: Isolezwe

Did this story inform, inspire or affect you?

Do not let important community news stop with you. Share this article with two friends, relatives or neighbours and help more people stay informed about what is happening in Orange Farm and surrounding areas.

Follow Orange Farm News for trusted local reporting, community voices, breaking news and stories that matter.

Like it. Share it. Talk about it.

Join us on:

Together, we keep our community informed and connected.

Read more stories by

Admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Related Stories
  • Government announces R10bn fuel levy relief for motorists
    2 weeks ago
  • Gauteng opens applications for 2026 summer initiation schools
    2 months ago
  • Thirty years of waiting, a memoir and a trial: conviction in Tupac Shakur killing brings closure
    2 months ago
  • SASSA confirms September 2026 grant payment dates
    2 months ago

More stories like this

  • Business, Current Issues, Local, National
    Elections and the information integrity crisis: Why SA’s human rights body is taking action
    2 months ago
  • Crime, National
    Orange Farm cop killed in mine dispute 
    3 months ago
  • Local, National, News
    Postbank issues last call for SASSA Gold Cards renewal
    3 months ago