Iqembu Omjiyane lizokhipha iEP ebizwa ‘Ayinabungozi’ ngezi 15 Lwezi
Iqembu i-Omjiyane, eliholwa uNkosinathi “Nkulungwane” Mbambo noZyamfisa, likhiphe i-EP entsha ethi ‘Ayinabungozi’ ngezi 15 Lwezi (November).
Labaculi bakhuthaza abalandeli ukuba bayithole le EP equkethe izingoma ezimunandi kakhulu.
“Sisebenze ngokukhulu ukuzimisela kule EP, umuntu nomuntu uzoyithola ingoma ithokozisa inhliziyo yakhe,” kusho uZyamfisa.
“Yize ngikuleli qembu, lokho akusho ukuthi uZyamfisa ngeke esaphuma yedwa. Kuzoba khona amaqembu amabili: uZyamfisa ne-Omjiyane. Sisebenze ngokuzinikela okukhulu, ngithanda ukubonga umphathi wami, uSne Ndlovu weMzi Lifestyle, oqinisekisa ukuthi igama likaZyamfisa liyaphakama. Ngiyabonga kakhulu ngokukholelwa kimi nokungisekela,” kuchaza uZyamfisa.
Le EP izotholakala kuzo zonke izitolo zomculo eziku-inthanethi.
“Njengoba siphetha unyaka, ngicela ukuthi ngoDisemba 16 abantu beze ngobuningi eMzi Lifestyle eZola, lapho kuzoba khona abaculi bo-maskandi abazobethulela umculo omunandi. Ngiyethemba umsebenzi wethu uzozithokozisa izihlwele,” kuphetha uZyamfisa.
Ungaxhumana nabo kwezokuxhumana:
TikTok: uZyamfisa 86
Facebook: Madukuza Ngane’zyamfisa II
WhatsApp: 071 6642 956.