Uxoshiwe umfundisi othele umchamo etiyeni lomyeni
Umfundisi webandla lodumo eMtubatuba, obesekhathele ngumyeni ojolayo, umphuzise umchamo ngokuwufaka enkomishini yetite ‘emjezisa’ ngokubukisa ngaye njengoba kuthiwa ujola isidina.
Umyeni kaMfundisi Siphelele Khumalo (40), ohola ibandla iHope of Christ, uthe uma eceba unkosikazi wakhe esigungwini sebandla ngokumphuzisa umchamo, isigungu sakhetha ukumxosha ebandleni. Kuthiwa umyeni uMnuz Bongani Khumalo (55), utshele isigungu ukuthi asithathe isinqumo ngonkosikazi wakhe ngoba ‘ umhlukumezile’.
“Okuyikhona okufike kwacika kakhulu isigungu sebandla ukuthi avume ebese ezeseka ngokuthi ubemlaya. Avele athukuthela kakhulu amalungu esigungu uma umfundisi evuma nje kalula engathi wenze into encane,’’ usho kanjena.
Umthombo uveza ukuthi bese kunesikhathi eside bungahambi kahle ubudlelwano phakathi kwabo bobabili kangangoba, sekuze kwaba amahlandla amathathu owesifazane esikaza ukufaka incwadi yesehlukaniso.Isolezwe Ngempelasonto lithinte umfundisi waqale wabuza ukuthi intatheli iluthole kanjani udaba.
Emva kwalokho uthe akazisoli ngakwenzile kumyeni wakhe. Uthe uma engathola elinye ithuba angaphinda akwenze lokhu.”Usengaze agijime aye emaphepheni ngomchamo nje kuphela. Kukangaki yena engona? Umbuzile ukuthi usekhulelise kangaki ngaphandle komshado selokhu sashada,” ubuze kanjena. Uchaze umyeni wakhe njengowesilisa ofanelwe yisijeziso esingaphezulu kwalesi somchamo. Usole isigungu sebandla ngokuthi sicheme nomuntu wesilisa.
“Vele phela bebengeke baze bangilalele mina ngoba ngingumuntu wesifazane,” usho kanje. Uveze ukuthi uthuthile nasemzini wabo oseMtuba, waphindela kubo eNtuzuma.Umyeni uthe uzizwa engento yalutho njengoba ephuziswe umchamo. Wathi kuthe eliphuza itiye wezwa ukuthi umchamo. Uthi kwathi uma embuza umkakhe wavuma wase ethi usengaze akhalele ukuthi uphuziswe umchamo nje, ekubeni yena ezitika ngocansi nabesifazane abehlukene.
“Akusiyena umfundisi loya muntu wesifazane, uthunywe ngusathane nje kimina. Futhi ngiyalingwa,’’ usho kanje.Wadalula nokuthi sebehlukene futhi akazimisele ngokuthi kube khona abakuxoxayo. “Ayikho into engizoyikhuluma naye ngoba vele akafuni nokuzala uthi uyesaba,’’ usho kanje.Ilungu elisesigungwini sebandla elicele ukuba kugodlwe igama lalo likuqinisekisile ukuthi bamxoshile umfundisi ebandleni.
Umthombo: Isolezwe