Ungajahi umshado ngoba amadoda azokugila: Asavela
Umlingisi wodumo kwiSibaya, u-Asavela Mqokiyana uqwashise abantu besifazane abafuna ukungena emshadweni beseseminyakeni ekuma-20s. Le ntokazi eyayilingisa indawo ka-Enhle ithe kufanele bengaxhamazeli emijolweni kodwa abathi xhinti bese bema eceleni.
“(Ngisho ngoba) amadoda azokugila mfana wami! Azokugila igoda phezu kwe-weave. Azokukhombisa ugogo wakho ube umazi. Lindela noma yini. Thanda nje. Habula. Yizwa bese uma eceleni ukuze ukulungele ukushada,” kusho u-Asavela ngesikhathi ephendula imibuzo kubalandeli bakhe baku-Instagram.
izinkulumo zokuthi ucu alusalingani kuyena nomyeni wakhe ongusomabhizinisi, uMnuz Vuyisa Mqokiyana. Kusolwa ukuthi uthathelwe indoda nguzakwabo olingisa kuMuvhango. Ezinkundleni zokuxhumana kukhona asepepotshoze namaphepha akhombisa ukuthi lezi zithandani ziyahlukanisa. Kuze kwavela nokunye, kuthiwa uzakwabo kuthiwa wayemmemile ngesikhathi eshada kanti uzogcina emphuce indoda.
Yize kunjalo kodwa amaphepha aseNkantolo eNkulu yaseThekwini, athi okunguye ofuna kuhlukwane wuVuyisa ngoba nguye ongummangali.Ebuzwa ukuthi unjani umshado, u-Asavela uthe unenqwaba yezinselelo. Uthe ngoba yena ushade esemncane usenalo ithuba lokuphinda ashade ngoba akakafiki naku-30.
Mayelana nokuthi kungani engamvezi umyeni wakhe ezinkundleni zokuxhumana, uthe “yingoba namagwinya akakhangiswa kodwa ayaqhubeka adliwe. Ngiyacela. Kwangalunga, ngabona kungcono ngiphume ngokushesha.”
Nakuba kukhona abamzwelayo u-Asavela ngokubhidlikelwa wumshado kodwa abanye bathi ibambe ngakho.
Bakhumbule amazwi awabhala ezinkundleni zokuxhumana ngoDisemba 30, 2023, ayethi: “Wonke umuntu wesifazane uthatha indoda komunye. Cha, ayikho indoda eshada iyimpohlo noma nawe uqala uyikhwapha bese uyakhuphukela emshadweni, wazi noma ungazi. Bashela beqonyiwe. Asikho nje isihlahla esinendoda elinde wena.”
Wabhala kanje emuva kokuvela kwezindaba zokuthi u-Asavela wajola noMqokiyana esashadelwe ngomunye umuntu wesifazane kwaze kwaba ugcina eseshade naye. Kwezinye zezinto abalandeli bakhe abebemthandela zona, wukuthi ubenganqeni ukuveza izithombe zakhe egqoke iphinifa neduku ekhombisa ukuzigqaja ngokuba wumakoti.