Isiphumile iEP kaZyamfisa esihloko ‘Isibhamu’ iyatholakala ezitolo zomculo
Isiphumile iEP kaSiphelele ‘uZyamfisa’ Mbambo, enezingoma eziyisithupha ebizwa ‘Isibhamu’. Lomculi kaMaskandi wase Drieziek 1, wathanda lomculo esemncane kakhulu. Waqala ngokugidela abanye abaculi kwase kuthi ngonyaka ondlule waqala ukusebenza ku mculo wakhe eyedwa.
U-Zyamfisa uthe: “Le EP iyatholakala kuzozonke izitolo ezithengisa umculo (digital stores). Ngicela abantu baye ngobuningi bayo streama online lokho kuyongisiza kakhulu ukuthi ngiqhubeke ngibenzele lomculo wami omnandi kangaka. Zimnandi zonke izingoma ngane’zakwethu, zikhona ezothando, zikhona futhi ezobunsizwa ezikuvusela usinga usukume uhlabe uhlale phansi. Ngiyabonga kakhulu bafowethu ngiyathemba nizowujabulela umsebenzi ngisacela niqhubeke ningixhase.”
“Ngibonga kubhuti uLwandiso ‘Bhoshetsheni’ Sopela okunguyena ongixhasayo nowenza isqiniseko sokuthi izinto ziyenzeka noma siqashiwe uyena owenza isiqiniseko sokuthi siyafika lapho sibizwe khona. Ngiphinde ngibonge ubhuti wam engizalwa naye uMandla Celumusa Mbambo, ezinkundleni zokuxhumana uyena ophusha umsebenzi enze ukuthi uyafika ebantwini ngiyabonga,” kusho uZyamfisa.
UZyamfisa ukhuthaza abathandi bomculo ukuba bayithole leEP ngoba iqukethe okujabulisayo futhi usebenze ngokuzikhandla eyipheka.
Xhumana naye kuFacebook: Madukuza Ngane’zyamfisa II, Tik tok: uZyamfisa87 noma ushayele lenombolo 071 664 2956.