LocalUncategorized

Ukhetho luka 2024: Ingabe ukulungele ukuvota kusasa?

Kusasa mhlaka 29 May, izinkulungwane zabantu base Ningizimu Africa bazovota ezindaweni ezahlukene bevotela uhulumeni othandwa yibo. Ukhetho lolu alukho mayelana nohulumeni ozophatha kuphela kodwa ozokwenza okufunwa ngabantu alethe izidingo.

Ameqembu ezombusazwe enze konke okusemandleni eheha abavoti, benza nezithembiso kodwa kusezandleni zabantu ukukhetha iqembu elizophatha. Abantu abaningi bayanqikaza ukuvota kusasa ngoba abasathembi lutho. Lokhu phela kwenziwa yizinkinga lelilizwe elibhekene nazo ezifana nobugebengu, ukweswelakala kwemisebenzi, indlala, inkohlakalo nokungalethwa kwezidingo nokunye okuningi nje.

Okubalulekile ngokhetho yilokhu:

1. Umuntu uvotela esiteshini abhalise kuso hhayi noma yikhuphi

2. Uphatha umazisi wakho futhi kwamele ushaywe isigxiviso esiteshini sokuvota

3. Bheka igama lakho ohlwini lwababhalisele ukuvota

4. Thola indawo yakho ozovetela khona uwedwa

5. Uma usuqedile ukubhala u X eduze kweqembu olikhethile faka iphepha (ballot paper) ebokisini

6. Ukhetho makube olukhululekile futhi olungacwasi bala

Ukhumbule ukuthi kunama ballot paper amathathu anemibala engafani, uX umenza kuwowomathathu. Uma kunento ongayitholi kahle esiteshini sokuvota buza ungesabi bakhona abazokusisa.

Abomthetho sebaqinisekisile ukuthi lolukhetho luzaba ngoluphephile akunamuntu ozovimba, ahlukumeze noma asabise omunye.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *