OwaseKZN noBeyoncé kwiLion King

Umingisi waseMgungundlovu uNokwanda Thuso Mbedu, unyelwe yinyoni esandleni njengoba engomunye wabalingisi befilimu entsha yakwaDisney esihloko sithi Mufasa: The Lion King.

Kule filimu yodumo uThuso oke wahlala nasoLundi, uzobe edlala nabomakadebona abanjengoBeyoncé Knowles-Carter, Donald Glover, John Kani, Kagiso Lediga nendodakazi kaBeyoncé noJay Z, uBlue Ivy Carter.

Yize uBlue ezobe elingisa indawo yendodakazi yeNkosi uSimba neNdlovukazi, uNala, uKiara kodwa uThuso uzobe engomunye wamazwi angeziwe kule filimu.UJohn uzobe enguRafiki omdala bese uKagiso elingisa indawo kaRafiki omncane.

Phakathi kosaziwayo abahalalisele amaciko akuleli ngokubamba iqhaza kule filimu ngoSimphiwe Shembe, Tumi Morake, Loyiso Gola, Tips Shampoonizer nabanye. Le filimu ezoqala ukukhonjiswa kuma-theatre asemhlabeni wonke jikelele ngoDisemba, ikhuluma ngobàba kaSimba, uMufasa, oyintandane ekhule inobuhlakani obuyisimanga namandla kanye nozwelo.

UDonald uzobe elingisa indawo kaSimba (okhuza ibuya njengoba ayelingisa lendawo ngo-2019). Abanye ngoTiffany Boone ozobe enguSarabi, uPreston Nyman onguZazu, uMads Mikkelsen onguKairo, uThandiwe Newton ongunina kaTaka, u-Eshe, uLennie James ongubaba kaTaka, u-Obasi, u-Anika Noni Rose ongumama kaMufasa, u-Afia noKeith David onguyise kaMufasa.

Ingwazi yomculi uLebo M naye uzokhuza ibuya kule filimu njengophrojusa womculo ngokubambisana noLin Manuel Miranda, ozoqhubeka nokubhala izingoma ezizobe zidlalwa. UThuso selokhu egobe amadlangala e-USA, ugila izimanga endimeni yokulingisa. Uke wahlabana ngomklomelo we-Outstanding Breakthrough Actress kuma-23rd Annual Black Reel Awards ngendawo eqavile ayidlala efilimini esihloko sithi The Women King.

UThuso ulingisa indawo kaNawi kule fillimu eshuthelwe KwaZulu-Natal naseWestern Cape. Kwakungekhona okokuqala uThuso edla umhlanganiso emiqhudelwaneni yezindondo njengoba eseke wahlabana nge-Independent Spirit Award neGotham Award. Le ntokazi iqale ukuzakhela ugazi eHollywood ngokudlala emdlalweni othi The Underground Railroad, ahlabana kuwo ngendondo kumaHollywood Critics Awards.

Emuva kokudlala kwiThe Women King, uThuso ubuye wakleliswa nabalingisi abayishumi abavelele yiphephandaba lase-USA iNew York Times nyakenye. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaThuso ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

*Olunye ulwazi lucashunwe kwi-IOL Entertainment.

Umthombo: Isolezwe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *