Local

Isaya 43 vs 1-2: Wena ungokhethekile kuNkulunkulu

Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami. Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.

Ngiyanibingelela zihlobo zami egameni elihle lomfeli wethu uJesu krestu amen. Kunalamazwi engiwathandayo kuloludaba athi “Mina nginawe” bese eyasivezela ukuthi noma isiphi isimo esindlula kuso ukhona janye nathi.

Athi noma sindlula emanzini noma ezikhukhuleni unawe, noma undlula emlilweni unawe lokhu kuveza ukuthi noma ngabe isiphi isimo okungenzeka undlula kuso unawe futhi asikho isimo esingaphezu kwakhe. Kepha yena ungophezukwakho konke elithi izwi ukubizile ngegama lakho futhi ungowakhe.

Ngithanda wazi ukuthi noma izwe lingakuzonda kepha wena ungoka Nkulunkulu noma ungezwa kuthiwa bayakuhleba ungesabi noma bengakubophela uzungu lokukubulala ungesabi ungoka Nkulunkulu unawe.

Noma bengakuzonda kodwa wena ungoka Nkulunkulu konke okwenzekayo empilweni yakho kuyicebo lika Nkulunkulu ayi elomuntu nakulowo mlilo okuwo uzondlula, unawe .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *