Inkantolo ichithe i-ANC ebifuna kususwe iMK ohlwini lokuvota
Ihlulekile imizamo ye-ANC yokuthi kuchithwe iqembu elesekwa ngowayengumengameli wale nhlangano kanjalo nezwe uJacob Zuma, uMkhonto weSizwe, ohlwini lwamaqembu azongenela ukhetho. Inkantolo yezokhetho ngoLwesibili ichithe lesi sicelo se-ANC sokuthi leli qembu lisulwe njengamanye azongenela ukhetho.
Lesi sicelo sikhishwe yiJaji uLebogang Modiba, othe akukho okungahanjiswanga ngendlela ngesikhathi ikhomishini yezokhetho i-Independent Electoral Commission, ibhalisa leli qembu nyakenye.
Ijaji lithe i-ANC yahluleka izikhawu ezimbili ukuthi ifake isicelo sokuthi kuchithwe iMK ingabhaliswa.“Kumele izinuke yona amakhwapha i-ANC ngoba yahluleka ukuphikisa ukubhaliswa kweMK. Ngakho ke ngiyasichitha isicelo se-ANC.”
I-ANC ibikhala ngokuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi kubhaliswa leli qembu, kolunye uhlangothi i-IEC neMK bebemile ekutheni kwalandelwa yonke imigudu ebekiwe.
IMK yaveza ukuthi i-ANC ayizange ikuphikise ukubhaliswa kwayo kwaze kwaba uZuma umemezela ukuthi uzokweseka leli qembu njengoba kuzovotwa ngoMeyi 29. Leli qembu labhaliswa nguMnuz Jabulani Khumalo ngoSepthemba nyakenye kanti uZuma wamemezela ukuthi uzovotela leli qembu ngoDisemba 16, nyakenye.
Umthombo: Isolezwe