Kuqubuke ukukhuluma uLiema ephuma nesamba kwiBig Brother Mzansi

Sisuse umsindo isinqumo sikaLiema Pantsi sokuthatha uR250 000, bese eyaphuma ohlelweni iBig Brother Mzansi, lapho umklomelo omkhulu kuwuR2 million. ULiema (22) bekumele akhethe ukuthi uyaqhubeka nomdlalo noma uthatha uR250 000. Ukhethe ukuthatha imali.

Ngemuva kokuhalaliselwa yiBig Brother ngokuthi uzothola imali bese eyaphuma, ubukeke njengomuntu othukile wathi akayizwanga imithetho. Abantu abaningi babe nemibono ehlukene ngalokhu. Abanye bebethi wenze kahle wathatha imali ngesikhathi abanye bethi ubenethuba lokunqoba umncintiswano.

ULiema ubengomunye wezintandokazi zalolu hlelo olukhonjiswa ubusuku nemini kuDStv channel 198. Ulandele uYolanda Mukondeleli naye obethandwa, ngoLwesihlanu ngemuva kophenyo ngenkulumo yakhe.

Kuthiwa wenze inkulumo enenhlese yokunukubeza ngokocansi omunye osendlini.Abalandeli bakhe baqale isikhwama sokumnikelela ngemali okuvela ukuthi ingaphezu kuka-R20 000 esingenile.

Umthombo: Isolezwe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *