Ungalahli ithemba uNkulunkulu uyakuzwa futhi uzophendula!
Wayesuka waya eSarefati esefikile esangweni lomuzi bheka umfelokazi wayecakasha khona, wambiza wathi :ake ungilethele ingcosana yamanzi esitsheni ngiphuze. 11Esasuka ukuwalanda wambiza wathi: Ake ungilethele nocezu lwesinkwa esandleni sakho.12 kepha wathi “kuphilakukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo neqebelengwane kukhona kuphela ukhweshe lempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni bheka sengicakashile izinkuni ezimbili ukuze ngingene ngizilungisele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife,” 1 Amakhosi 17 vs 10.
Kunezimo esibhekana nazo empilweni bese sibona ngathi sekuphelile ngathi sifise nokufa. Sibhekana nezimo ezibuhlungu emakhaya ethu, emsebenzini yethu yezandla ngisho nasemphakathini kodwa, ngifuna ukusho ukuthi ukhona uNkulunkulu ofika ngesikhathi esifanele.
Lapha sifunda ngowesifazane owayengesana lutho nethemba laseliphelile kodwa uNkulunkulu wathumela uEliya. Ngibuka isimo sowesifazane ukuthi waba nokukholwa wathatha okokugcine ebenakho wenza njengokusho kuka Eliya.
Lithi iBhayibheli imbiza yempuphu ayiphelanga nophiso lwamafutha aluswelanga njengezwi likaJehova. Ngalawa mazwi ngifuna ukuthi ungalilahli ithemba, ungapheli amandla uNkulunkulu wethu akasiyekeleli UJehova ufika ngesikhathi esifanele. Noma yisiphi isimo obhekene naso empilweni yakho, ngithi kuwe noma ethule kodwa impendulo ikhona.