Kuboshwe amaphoyisa ngamacala okuthumba nokubulala

Azogqunywa ezitokisini amaphoyisa amahlanu asolwa ngokushaya abulale amadoda amabili okuthiwa abamba inkunzi iphoyisa eCradock, e-Eastern Cape. Abasolwa baboshwe ngesonto eledlule, base bevela enkantolo yemantshi yakuleya ndawo ngoLwesibili.

Lawa maphoyisa athweswe amacala okungamabili okubulala, elokuthumba nelokushaya ngenhloso yokulimaza. Abasolwa okungoSergeant Melikhaya Madubedube (42), Constable Ibanathi Jack (33), Constable Ndumiso Mpondo (33), Sergeant Vuyane Mahlasela (31) noSergeant Khulile Damane (46) bazobuyela enkantolo ngoFebhuwari 23, 2024.

UMnuz Phaladi Shuping ongumkhulumeli wophiko oluqaphe izenzo zamaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate (IPID), uthe kunezinsolo ezithi elinye lamaphoyisa lalingekho emsebenzini.“Kusolakala ukuthi leli phoyisa labanjwa inkunzi isigejana samadoda. Emuva kwezinsukwana futhi selibuyele emsebenzini, kusolakala ukuthi lahlangana nozakwabo bathungatha lawa madoda, bathola amathathu,” kusho uShuping.

Uthe kusolakala ukuthi lawa maphoyisa athatha la madoda ayanawo esithe, afike awashaya. Emuva kwalokho, kuthiwa abagilwa bayiswa emahhovisi amaphoyisa ophiko olugcina ukuthula emphakathini lapho kusebenzela khona abasolwa.Kubikwa ukuthi omunye wabagilwa, uMnuz Thabang Mbovane (29) waquleka kodwa amaphoyisa amshiya kanjalo esephuma emsebenzini.

“Waze wabonwa amanye amaphoyisa ayekade ezongena emsebenzini. Kwabizwa abezimo eziphuthumayo abafike bamhlonza njengomuntu oseshonile umgilwa,” kusho uShuping. Uqhube wathi umgilwa wesibili uMnuz Sindile Makoa (34) ushone ngoMsombuluko.

Umthombo: Isolezwe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *