Bafuna kuphenywe kubulawa umfelokazi kasomatekisi

Kudutshulwe kwabulawa unkosikazi kasomatekisi waseZwelibomvu ephuma ekhaya ngeSonto.

Kuthiwa uNkk Wendy Shange (39) owumfelokazi kaMnuz Nkosingani Shange obewusihlalo kasoseshini waKwaNdengezi, nephini likasihlalo weSantaco eDurban West odutshulwe ngenyanga edlule, udutshulwe esemotweni ephuma ekhaya kwaNjobokazi, eZwelibomvu.

Ngokuthola kweSolezwe, uNkk Shange ubehamba nendodakazi eneminyaka engu-16 ngesikhathi kuthushuka indoda evulele ngenhlamvu ibhekise emotweni, umufi wadubuleka washonela khona lapho.UShange kuthiwa ubenamatekisi KwaNdengezi naseZwelibomvu.

Akwaziwa ukuthi unkosikazi wakhe likhona yini iqhaza abelibambile ematekisini. Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uCaptain Nqobile Gwala, uthe kudutshulwe owesifazane obesemotweni ephuma ekhaya ngeSonto. Uthe owesifazane oshonile ubehamba nendodakazi yakhe eneminyaka ewu-16.

“Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMpumalanga. Imbangela yokubulawa ibingakaziwa. Ingane ebisemotweni ngesikhathi kudutshulwa lo wesifazane ayilimalanga,” kusho uCapt Gwala.

UMnuz Sifiso Shangase oyimenenja ehhovisi leSantaco esifundazweni, uthe bebengakawutholi umbiko ngokubulawa kukaNkk Shange kodwa kuyabakhathaza ukuthi kudutshulwe umuntu wesifazane abulawe ekubeni abantu besifazane kuhlale kushunyayelwa ukuthi abavikelwe.

“UShange udutshulwe wabulawa ngenyanga edlule. Ngeke sisho kugcwale umlomo ukuthi ukubulawa kukaNkk Shange kuhlangene namatekisi noma cha. Siyacela ukuthi amaphoyisa aphenyisise ngalolu daba ukuze kutholakale umnyombo walo. Siyacela ukuthi uma kunezinkinga abantu bahlale phansi bazixazulule ngoba ukubulala akuyixazululi inkinga,” kusho uShangase.

Umthombo: Isolezwe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *