Kubhimbe uhlelo uMinnie Dlamini echwensa uKhune

‘Ubethu ubukisa ngesoka lakhe lakudala kodwa kwangahamba ngokohlelo,’ lawa ngamazwi abantu abaningi ababukele uhlelo lwentokazi yakuleli uMinnie ezama ukwenza ihlaya ngo-Itumeleng Khune.

Ohlelweni lwakhe i-Curated, uMinnie osanda kudivosa umyeni wakhe uQuiton Jones, ubencoma ukuthi adayise okwamagwinya ashisayo amathikithi omdlalo wezinkunzi zaseSoweto #SowetoDerby, kulapha okuvele khona ukuthi uKhune usengumdlali webhola,

Le ntokazi ibonakale ibuza inokumangala ebusweni futhi iphikisa abebeyitshela ukuthi uKhune usadlala, yabonakala inyipha ebusweni njengomuntu onokuphoxeka ngesoka lakhe lakudala ukuthi namanje lisajaha ibhola enkundleni.

Le video yakhe isazungeza ezinkundleni zokuxhumana kanti abantu abaningi basola le ntokazi ngokuvukwa yisikhwele, beyisola ngokusukela uKhune osekwaziwa ukuthi unonkosikazi nezingane.

Intatheli ezimele @PhilMphela iphendula obekhalaza ngokuqashwa kosaziwayo abangazilutho ezinhlelweni zemidlalo ekhalaza nge-video kaMinne ithe: “Ngicabanga ukuthi ukhuluma nge-video kaMinnie Dlamini. Okukuqala; uhlelo lwakhe i-Curated uhlelo lwezokungcebeleka, hhayi lwezemidlalo. Okwesibili; ngicabanga ukuthi ubezama ukuhlekisa kodwa kuyacaca ukuthi akuhambanga kahle.”

Umthombo: Isolezwe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *