Ufisa ukusebenza noKelly owine kuma-Idols
Ufisa ukusebenza noKelly Khumalo, uThabo Ndlovu waseMpumalanga, eWitbank ngoMgqibelo othweswe isicoco sokugcina ohlelweni lomculo ama-Idols SA. UThabo ubesesele nentokazi engumkhaya wakhe uPrincess, ephume isibili kulolu hlelo.
Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi ukuvotelwa abantu akade bengamazi ukuze athathe isicoco salolu hlelo ikhona okumthobisa kakhulu.
“Namanje ngike ngithule ngicabange, ngenxa yokuthi kuningi okusenzeka emqondweni wami selokhu ngidle umhlanganiso. Ngijabule kodwa futhi ngisathukile kancane sekwenzeke konke ke kodwa nginokubonga, ngiyazithoba kuwona wonke umuntu ongivotele kusuka kwabangaziyo ekhaya nabangangazi kuleli ababe nothando lwami ngesikhathi bengibona. Kuningi okwenzeka kulolu hlelo okukushiya ukhathele kodwa ngenxa yokufuna ukufeza amaphupho ethu, siyasebenza izinsuku ezingaphezu kwezimbili silungiselela uhlelo, sifunda izingoma esingazazi siphinde sifundiswe nje ngendima yomculo nokuyinto ethatha wonke amandla osuke unawo,” kusho uThabo.
Uthe manje uhlela izinto empilweni yakhe ukuze abone ukuthi indima yomculo izombeka kuphi.“
Abakuleli ngifuna bangangazi ngalo Thabo abambona kuma-Idols, ngifuna bangazi ukuthi ngiwubani ngaphandle nje komculo. Ngihlela ukuba sebantwini kakhulu, njengoba bengenza ngingakabi sohlelweni. Bengiphila ngokuhambela imicimbi ehlukene ngijabulise abantu ngomculo, namanje ngihlele ukuthi ngingakuyeki lokho,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi ubengaqali ukuba yingxenye yalo mcimbi, njengoba ake waba kwisizini ka 16, wakhishwa kuyo zisuka.Uthe kule minyaka emibili ayihlalile engabuyi kulolu hlelo, ubefuna ukuxhumana noNkulunkulu, ukuze ahambe naye kule sizini ayiwinile. Uphethe ngokuthi umculo wokholo yiwona abewenza kakhulu, futhi uyakholelwa ekutheni angalwenza uhlobo lomculo we-afro-pop. Unxuse abalandeli bakhe ukuthi bayithenge futhi bayijabulele ingoma yakhe entsha ethi Isilungu.
Umthombo: Isolezwe