Abeneme abanye abasakazi boKhozi ngolukaZimdollar

Sekuvele ukuthi kukhona abasakazi abangajabule ngendlela abaphathi boKhozi neSABC abasingathe ngayo udaba lomsakazi osakaza uhlelo iDankie 1223 uZimiphi Biyela odume ngelikaZimdollar nosakaza lolu hlelo noKing Sfiso phakathi nezinsuku.

UZimdollar oshaye ibuya kulolu hlelo izolo, kusuka ngoMsombuluko ubengezwakali kulo ngemuva kokukhononda kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uBheki Cele.

UCele ukhwele wadilika kulo msakazi emsola ngokuba “nesandla“ ekudutshulweni kwephoyisa le-NIU ebelingcwatshwa ngeSonto KwaMashu. UCele usole uZimdollar ngokukhuluma kabi ngalolu phiko njengoba lo msakazi alusola ngokuthi njalo lona lapho lufika khona luyabulala.

Wakusho lokhu bukhoma ohlelweni ngesikhathi kudutshulwe usomabhizinisi uNkululeko Mkhize, eZimbali ngenyanga edlule. UCele waveza ukuthi akazi ukuthi lolu daba lwagcina kuphi usafisa ukuxhumana nebhodi yeSABC, njengoba inkulumo kaZimdollar yayiphaka impi ebhekiswe emaphoyiseni.

Imithombo engaphakathi oKhozini ipotshozele Isolezwe ukuthi abanye abasakazi kabeneme ngendlela okuphethwe ngayo udaba lukaZimdollar njengoba kubukeka sengathi uyenzelelwa.

“Ukuba omunye ngabe kade amiswa. Kukhona abasakazi abamiswa izindaba zabo zingakaveli ngisho emphakathini uma kukhona abakwenzile okushayisana nomsebenzi. Lona ke owasebenzisa umoya ukukhuluma ngento ethinta imizwa yakhe kodwa kwangashiwo lutho, encoma izigebengu, namanje akamisiwe ubeyalelwe ukuthi ake anyamalale nje kuphela kuze kwehle umsindo nakhu ubuyile manje,” kusho umthombo, othe uZimdollar kwenzeka kanjena nje ngoba usondelene nabaphathi.

Omunye umthombo uveze ukuthi uZimdollar akamisiwe.“Belingeke liphele leli sonto engazwakalanga emoyeni kodwa kunomsindo ngaphakathi abasebenzi abeneme,” kuchaza yena.

Isolezwe lizamile ukwazi ukuthi bekwenzekani ngokunyamalala kwalo msakazi kodwa umyalezo owathunyelelwa uMmoni Seapelelo, okhulumela iSABC, ngoMsombuluko akawuphendulanga.Izolo ngesikhathi sizama ukuxhumana naye ucingo lwakhe ubeluvala.

Umthombo: Isolezwe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *