Ubaba uboshelwe ukudlwengula usana lwakhe olunenyanga luzelwe

Owesilisa oneminyaka engu-31 ubudala uvele phambi kweMantshi yaseBrits, ngecala lokudlwengula usana lwakhe olunenyanga luzelwe.

Kuthiwa ngo 19 Mfumfu, unina wengane uyishiye ilele eduze kukayise wayokwenza ukudla phandle. Uthe engaphandle wezwa ingane ikhala waphuthuma endlini eyobona ukuthi kwenzenjani.

Okhulumela abeNPA uNksz Lumka Mahanjana, utshele abezindaba ukuthi bathole umbiko othi “unina wosana, ungene endlini ingane ikhala wafica uyise wayo nengane bengagqokile isitho sengane sangasese sopha.”

“Uthuke wamemeza kwafika omakhelwane kwathathwa ingane yaphuthunyiswa esibhedlela lapho ithola khona usizo,“ kusho uMahanjana.

Uyise wengane uvelile namhlanje enkantolo kodwa icala lahlehliselwa kuLwezi 3, ukuze kutholakale ozotoloki ulimi olufanayo nolwakhe njengoba edabuka kwelaseMalawi.

Umthombo: Isolezwe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *