Akananxa uBabes Wodumo ngabambalekele emva kokushonelwa

Indlovukazi yegqom’ uBongekile “Babes Wodumo” Simelane ithe yize abangani beyibalekele ngemuva kokushona komyeni wayo uMandla “Mampintsha” Maphumulo, ngoDisemba nyakenye kodwa ayinanxa nabo.

UBabes (29) odabuka eLamontville, eThekwini, uthe selokhu kwashona uMampintsha, owashawa yisifo sohlangothi, uba naso isizungu.

“Abangani babalekile, ngesikhathi ngivula iselula kaMampintsha kwabaleka kwasani. Into okuthiwa umngani kufana nokuthi angisenayo. Bayazazi ukuthi benzani, izindaba engazithola. Kodwa ngoba ngiwumuntu owehlisa umoya ayikho inkinga,” kusho uBabes.

Uthe impilo iyaqhubeka futhi yena usebheke umsebenzi ngoba usebuyele ngokugcwele. Ngesonto eledlule ubenandisa eZimbabwe athe usazobuyela khona. Kunomunye umcimbi waphesheya aveze ukuthi uzoya kuwo ngenyanga ezayo.

“Sengibuyelile emsebenzini. Hhayi ukuthi bengisazilile, bengisahleli nje kancane ngisafuna ukuzithola kodwa ngibuyelile. Ngokomqondo ngicabanga ukuthi ngisesimeni esikahle. Angingasho ukuthi ngiyacabanga, ukuthi ngisesimeni esihle. Ngiyazibona mina ukuthi ngikahle. Kodwa ekuqaleni bengidomoroza nje ngingazi noma liyashona noma liyaphuma kodwa manje ngisesimeni esikahle,” kuchaza yena.

UBabes, wodumo lwengoma ethi Wololo, ubekhuluma naleli phephandaba eseBat Centre, eThekwini, ngoLwesithathu lapho ebematasa khona enza inhlolokhono yabadansi besilisa.Bekuphume cishe abesilisa abalinganiselwa ku-300 bezozama inhlanhla ekusebenzisaneni naye.

“Ngicela abadansi besilisa ngoba ngifuna ukwandisa ithimba laseWest Ink (inkampani kaMampintsha) nelaseWena Wodumo (inkampani yakhe) futhi amathalente maningi. Niyazi ukuthi uMampintsha akasekho ngakho nginaleso sizungu. Iyona into engibuyisele emdansweni. Hhayi ukuthi ngiyabathanda abantu besilisa kodwa abantu besilisa abanawo umsindo. Amantombazane anomsindo nokukhuluma kodwa nawo ngisazoyenza inhlolokhono yawo ngento ethile engifuna ukuyenza kodwa le ibibalulekile ngoba kuza amaholidi kaDisemba,” kuchaza yena.

Uthe ufuna abadansi abasha abangu-15 abazogcwala esteji uma enandisa ngoba “ngifuna ukubuyisa leya nto leya eyayithandwa ngabantu” futhi wonke umuntu umazi ngomdanso. Uthe laba badansi bazobonakala naye emicimbini ezayo nakuma-video ezingoma zakhe azozikhipha njengoba elungiselela ukukhipha i-extended play (ep).

“I-ep ngizoyikhipha nizobona ngami ukuthi ngiyikhipha nini. Kuyona kukhona uyise kaSponge (indodana yabo noMampintsha). USponge ukhona nginaye nokuhlupha. Ngicela nenze isiqiniseko sokuthi niyangeseka. Nibheke ezinkundleni zokuxhumana. Ziningi izinto esisazozenza, Uthando Lodumo (uhlelo olukhombisa ngempilo yabo noMampintsha) luyabuya nesizini yesithathu. Ziningi izimfihlo ezizovela, kuyakhalwa futhi kuyahlekwa khona. Siyaqala ukushutha ngenyanga ezayo. Kwashuthwa umngcwabo kaMampintsha ngakho siqhubeka nokuthi uBabes ngemuva kokushona kukaMampintsha wenza kanjani.”

Umthombo: Isolezwe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *