U-Jack Zulu uzokhipha i-alubhamu esihloko ‘Ushuni Wami’ kulenyanga ezayo

Jackson Bonginkosi Mbatha odume ngo Jack Zulu wase Drieziek 5, ngumculi kaMasikandi aphinde acule ihip-hop. Ngenyanga ezayo uJack Zulu uzokhipha i-alubhamu ebizwa ‘Ushuni Wami’. U-Jack Zulu ukhethiwe ku Time Line Radio Music Awards kuHip-hop Song of The Year ngengoma ebizwa ‘Do or die’.

Uxoxe kanje ne Orange Farm News: “Ngaqala ukucula ngo 2019. Ngakhetha uMaskandi ngoba kwakuwona umculo engangiwulalela ekhaya kanti futhi kwakuwona mculo ongijabulisa kakhulu. Kanti ne phimbo lami liyavuma. Ekukhipheni ama alibhamu bengingakakhiphi kodwa elizophuma enyangeni ezayo isihloko sayo ‘Ushuni Wam’. Sengiphefome eGoli ku Maskandi Festival nakwezinye izindawo ezifana nase Miami Lifestyle ku Heritage Day Event nezinye nje.”

“Maduzane abalandeli bazothokoziswa ingoma ebizwa ngokuthi ‘Ikhubalo’ engizoyidedela maduze futhi bazoyithanda. Lengoma ikhona ku alubhamu ezophuma enyangeni ezayo. Umculo wami uyatholakala yonke indawo kuma digital platforms kanti futhi kuzotholakala nama CD uma sikhipha i-alibhamu,” kusho uJack Zulu.

Uma ufuna ukwazi kabanzi ngo Jack Zulu ungamulandela ezinkundleni zokuxhumana ezifana ne Facebook.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *