UBusiswa ugonyuluka ngobunzima adlule kubo

Umculi weGqom uBusiswa Gqulu (34) wodumo lwengoma ethi Banomoya, ugonyuluke ngobunzima adlule kubo ngemuva kokuthola ingane yakhe ewuzinyobulala, uKgosi.

Uthe kusuka ngonyaka ka-2019 isimo sempilo besingesihle kahle, nokugcine kumholele ekutheni athathe ikhefu emculweni. Lo mculi waseMthatha e-Eastern Cape uthe usebuye ngamandla emculweni njengoba kunengoma eshisa bhe ezayo apike kuyo uDj Kau.

“Kule minyaka emihlanu endlule ngindlule ezimweni ezinzima futhi ezingachazeki, selokhu kwazalwa indodana yami uKgosi izinto zaqala zaba nzima. “Ngijabule ukuphinde ngibuye emculweni, futhi lo mculo engizowenza kusuka manje uzojabulisa abantu abaningi. Njengoba ngikhuluma nje icwecwe engilenze noDj Kau lizophuma maduze nje, abantu mabalilindele,” eqhubeka.

“Ngiyazi abantu abaningi bebelokhu bezibuza ukuthi kungani ngingakhiphi umculo omusha, iqiniso ukuthi bengingenawo umuzwa wokuthi ngikhiphe umculo. Bengisafuna nje ukuzinakekela ngokomqondo, kodwa-ke njengamanje lo Busiswa abantu abamaziyo usebuyile,” kusho yena.

Ekhuluma ngokuncipha emzimbeni, uBusiswa uthe akancishiswanga yizinkinga kodwa yingoba ubezivocavoca.

“Kule minyaka edlule njengoba bengishilo bengingajabule, manje into ebengenza ngibe matasa ukuthi ngizivocavoce. Njengamanje ngibuyisa lo Busiswa abantu ababemazi, ngifuna kubuye umzimba wami omdala. ”Njengoba sengibuyela ekunandiseni, ngifuna umzimba wami ufaneleke,” kuqhuba yena.

Ephetha uthe usezosebenza nabaculi abasebancane futhi abanesigqi esihlukile.

Umthombo: Isolezwe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *