Umculi kaMasikandi uCain Sibanda wethembisa abalandeli bakhe injabulo yodwa

U-Cain Sibanda wase Drieziek 5, ngumculi kaMasikandi oneminyaka engu 38. Uyazithandela lomculo futhi uzimisele ukukhipha izingoma ezizojabulisa abathandi bawo. Ukhipha umculo wakhe phansi kwesitudiyo iMVS.

Lomculi wangena kulomkhakha ngonyaka ka2016, usakhiphe izingoma “Ngizodla’ingoma” “Magulakulinywa”. Njengoba esesitudiyo nje umatasatasa uyapheka ufuna ukukhipha into eshisa bhe ezojabulisa abalandeli bakhe.

U-Sibanda uxoxe kanje neOrange Farm News: “Ngisakhiphe i-single track ethi “Ngizodlal’ingoma” ngokusebenzisana noVusumuzi Mcambi weMavusana Studio (MVS) esitholakala e Drieziek 5. Manje ngisazoqala ukwenza ialubhamu ephelele. Ingoma yami eyi ebizwa “Ngizodla’ingoma” inokudlalwa emisakazweni efana ne Jozi FM, Alex FM ne Hillbrow FM.”

Mawufuna ukwazi kabanzi noma ufuna ukumumema ungashayela kulenombolo 079 396 8315.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *