Kuyanda ukudutshulwa kwabantu eOrange Farm

Ukudutshulwa kubulawe abantu sekuyinto ethanda ukwanda. Kulenyanga nje iyodwa kubikwe izigameko ezahlukene lapho abantu bedutshulwe bashona kwathi oyedwa waphuthunyiswa esibhedlela.

Kusigameko sase Ext 3, izithandani zingenelwe abantu behlome ngezibhamu badubula indoda nomnfazi. Ngeshwa owesimame ushonele khona lapho kwathi owakwakhe waphuthunyiswa esibhedlela. Ngenkathi eya esibhedlela bekwembulwa kwembeswa.

Esinye isigameko, ababili bebezihlalele phakathi kwetekisi ngenkathi kuvela abahlome ngezibhamu badubula laba ababili bashona. Kuthe kusabhekwe lokho kwavela ukuthi owesilisa uye wadutshulwa washona kwesinye isigameko. Kuleviki esibuya kulo kuvele ukuthi kunowesilisa odutshulwe washona.

Amaphoyisa athe imbangela yokubulawa kwalaba bantu ayikaziwa, akekho osaboshiwe ayaqhubeka ukuphenya. Athe onolwazi olungasiza kubanjwe abenzi bobubi angaxhumana nayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *