EntertainmentNational

U-Queen B akafikanga ugalelekile

Usaziwayo wodumo nothandwa kakhulu kwezokuzijabulisa uBonang “Queen B” Matheba, ubuyele eMetro FM njengomsakazi futhi abalandeli bakhe bakujabulele kakhulu lokho.

U-Matheba ungumsakazi aphinde abe ngumethuli kumabonakude aphinde abe ngusomabhizinisi ophethe inkampani ebizwa House of BNG.

Ukewathula wangabonakali kumabonakude noma azwakale emsakazweni isikhathi eside kodwa manje ubuye ngenkani.

Usezwakala ekuseni eMetro FM ohlelweni lwesidlo sasekuseni elibizwa Breakfast Pop-in. I-House of BNG enye yezikampani ezixhasa uMiss South 2023 futhi uQueen B nguyena ozothula uMiss South Africa ngezi 13 Ncwaba eSunBet Arena, Pretoria ezovela ku SABC 3.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *