Kukhonye i-Australia kweyoMhlaba ye-netball

I-Australia izithobe amanxeba okuphunyukwa yiNdebe yoMhlaba yango-2019 ngesikhathi inqoba i-England ngo 61-45 kowamanqamu walo nyaka obubanjelwe eCape Town International Convention Centre eKapa ngeSonto ebusuku.

I-Australia ibingene kowamanqamu ngokuqumba phansi iJamaica ngo 57-54 kowandulela owamanqamu kanti i-England idlule kwiNew Zealand ngo 46-40.

Iqembu lase-Australia, iDiamonds, lingene kulo mdlalo selivele liyiphakamise amahlandla angu-11 le ndebe kanti iRoses yase-England ibiqala ukudlala kowamanqamu.

La maqembu abehlanganile esigabeni sesibili samaqoqo, kwanqoba i-England ngo 56-55, nokwenze kulindeleke ukuthi azophinde aqophisane nakulo mdlalo wamanqamu. Isipiliyoni seDiamonds sisheshe sagqama kwikota yokuqala ngesikhathi ihlwitha amabhola kwiRoses, yazibeka phambili ngamagoli amane.

Lwehlile uvalo kwelase-England ngasekupheleni kwekota, yaphela zibambene ngo 13-13.Kwikota yesibili i-Australia ibilokhu ihamba phambili ngamagoli amabili, kwathi uma iRoses ihluleka ukusebenzisa amathuba ayo igebe laba ngamagoli amane. Kuyiwe ekhefini isihamba phambili ngo 27-23.

I-England ibuye isijahe ukuliyisa phambili ibhola ukuze izibuyisele emdlalweni kodwa ihluleka ukugqobhoza udonga lwe-Australia. Kuze kwaba kabili kule ikota ilahla ibhola ngenxa yokuthi omunye wabadlali bayo ubeselibambe isikhathi esingaphezu kwemizuzwana emithathu. Le kota iphele i-Australia isiphambili ngo 46-36, sekusobala ukuthi i-England izodinga umlingo ukuze ibuye kweyokugcina.

Akwenzekanga mlingo njengoba iDiamonds ikwazile ukuwulawula umdlalo nakwikota yokugcina, elokhu ewahlohlile amagoli umgadli wayo uSophie Garbin, oqede umdlalo eshwebe amabhola amane kuphela kwangu-32 awazamile.

Komunye umdlalo iJamaica ithole izindondo zethusi ngesikhathi inqoba iNew Zealand, etheleke kuleli ingompetha, ngo 52-45.

Umthombo: Isolezwe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *