Akuhambanga kahle emdlalweni wokuqala weBanyana Banyana

Iqembu lesizwe iBanyana Banyana esemqhudelwaneni we Women’s World Cup eAustralia ngokuhlanganyela neNew Zealand. I-Banyana Banyana idliwe yiSweden ngamagoli ababili kwelilodwa emdlalweni wokuvula.

Iqembu lakuleli yilona elifake igoli lokuqala kodwa yahluleka ukuvimba iSweden esendaweni yesithathu emhlabeni ebholeni labesifazane. Noma kunjalo iBanyana Banyana idlale ngokuzimisela kakhulu futhi isenethuba ngoba isenemidlalo ezayo.

Imidlalo yokuvula ihambe kanje:

Namhlanje iMorocco ibhaxabulwe yiGerman ngo 6-0, iBrazil yaguqisa iPanama ngo 4-0, Italy 1- 0 Argentina.

Zambia yona yashaywa ngo 6-0 yiJapan, USA yashaya iVietnam ngo 3-0, Spain sashaya iCosta Rica ngo 3-0. I-Nigeria yona yadlala 0-0 neCanada, Jamaica 0-0 France, Denmark 1- 0 China, Netherlands 1-0 Portugal.

Amaqembu aseAfrica awakenzi kahle kulemidlalo yokuvula adliwe noma adlala ngokulingana.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *