I-ROADs and Transport ayikhonanga ukuvala yonke imigodi emgwaqeni eLink Road ngenxa yamanzi agelezayo

Izolo abeRoads and Transport ngokubambisana ne Orange Farm PCO bavale imigodi esemgwaqeni eLink Road kodwa abakwazanga ukuvala yonke ngenxa yamanzi endle abuya kwelinye lamabhilidi ngaseNelgate.

Lokhu akubaphathanga kahle abasebenzisa lomgwaqo ngoba bebafuna nawo uvalwe ngoba iyinkinga kakhulu. Imosha izimoto futhi ibanga nencindezi emgwaqeni. Lamanzi abaphathe kabi kakhulu ngoba leli bekuyithuba lokuthi ulunge lomgwaqo.

AbePCO bathe kumele kukhulunywe nomnikazi webhilidi avale amanzi futhi nabo bazobuya bazovala lemigodi akugcinanga izolo kuphela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *