Akasekho emhlabeni uClive ‘The Dog’ Barker

UClive ‘The Dog’ Barker (78) owayengumqeqeshi weBafana Bafana undlule emhlabeni emuva kokogula isikhathi eside. UBarker bekaphethwe isifo esibizwa nge Lewy Body Dementia.

UBarker waqokwa njengomqeqeshi weBafana Bafana ngonyaka ka 1994. Ngo 1996 wawina indebe ye Africa Cup of Nations okwakuyinto eyajabulisa kakhulu abantu base Ningizimu Africa.

Ngaphambi kokuba ngumqeqeshi wayengumndlali owadlalela amaqembu afana neDurban City kanye ne Durban United. Uqeqeshe amaqembu ekubalwa kuyo iDurban City, Manning Rangers, AmaZulu namanye. Udlale indima enkulu kwezemidlalo kakhulu ebholeni lezinyawo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *