Bayashintshwa, shintshwa omeya kuCity of Johannesburg

ICity of Johannesburg, idolobha elikhulu eliphethe umnotho futhi amaqembu ezombusazwe abangisana ngalo afuna ukuphatha. Lombango wenza ukuthi omeya bashitshwe njalo, njalo

Kulezinsuku kubonakala ngathi lelidolobha lizozithola lingenaye oliphethe umayor phecelezi. Njengoba amaqembu ezombusazwe ebangisana ngokuliphatha. Emuva kokundlula emhlabeni komeya baphambilini azange kusaba nomeya ohlala esitulweni isikhathi eside.

Okwenzakalayo manje kuyamangaza, uphansi phezulu, hlala yehla. Owayengumeya weqembu le Democratic Alliance (DA) uDr Mpho Phalatse, wasuswa esikhundleni sakhe ngamavoti, kwangena owe African National Congress (ANC) uDada Morero, owahlala amaviki ambalwa wasuswa kwabuyela uPhalatse.

Kwavotwa futhi uPhalatse wakhishwa futhi, kwasekungena owe Al-Jamal, uThapelo Amad, naye kungekudala nje engumeya wasula esikhundleni. Kwase kukhethwa owayo futhi iAl-Jamal, uKabelo Gwamanda, othe naye eqeda ukuhlala esikhundleni kwabakhona izinkulumo zezinsolo zokukhwabanisa ezikhulunywe amanye amaqembu ezombusazwe ngaye.

Ngesonto esibuya kulo uKenny Kunene, we The Patriotic Alliance (PA) ubekwe njengebambela likameya uGwamanda njengoba esabambekile ngokunye. Asazi iyozala nkomoni la eCity of Johannesburg, muhlawumbe kufanele kunikwe abahlali baseGoli ithuba lokuzikhethele ozophatha lelidolobha.

Uthini umbono wakho ngalokhu?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *