“Wonke umuntu akafunde inkulumo yezandla” kusho uMokoena
uNomsa Mokoena wase Orange Farm Ext 7 ongakwazi ukukhuluma ukhuthaza umphakathi ukuba mawufunde inkulumo yezandla (sign language). Ukungakwazi ukukhuluma akumvimbi ekutheni aphile impilo ayithandayo. UMokoena ngusihlalo wenhlangano engenzi inzuzo ese Ext 2 ebizwa nge Bambelela Organisation for the Deaf and Disabled.
Lenhlangano isiza labo abaphila nokukhubazeka okubalwa ukungaboni, ukungezwa, ukungakhulumi nokukhubazeka emzimbeni. UMokeona ukhuthaza amalunga omphakathi nemindeni yabakhubazekile ukuthi bafunde inkulumo yezandla.
Uthi lokhu kuzosiza kakhulu lapho ongakhulumi noma ongezwa edinga khona usizo noma efuna ukuba nengxoxo nabo. UMokoena uyavuma ukuthi ushintsho lukhona, abakhubazekile bayanakwa, namathuba bayawathola kodwa kuningi okusamele kwenziwe. Uphinde wagcizelela ukuthi abakhubazekile bangazibeki phansi, bazizwele isono abasukume benze abakuthandayo, bafeze abaphupho abo.